"bayakuwa"
22 occurrences in ZUL
ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.
Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho , nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.
Bayakuba namahloni , ngokuba benza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo ; ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.
Futhi uyakusho kubo , uthi: Usho kanje uJehova , uthi: Abantu bayakuwa, bangabuyi basukume, na? Umuntu uyaphambuka, angabuyi aphenduke, na?
Bayakuba namahloni , ngokuba be nza izinengiso ; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo , ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.
Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho ; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone ; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.
Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Shaya ngesandla sakho , udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli! Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
Bonke ababalekayo bakhe kuwo onke amaviyo akhe bayakuwa ngenkemba, nabaseleyo bayakuhlakazelwa kuyo imimoya yonke, nazi ukuthi mina Jehova ngikukhulumile.
Ngiyakuthuma kulo isifo negazi ezitaladini zalo ; abagwaziweyo bayakuwa phakathi kwal o ngenkemba ephezu kwalo nxazonke , bazi ukuthi nginguJehova.
IKushe, noPhuthi, noLude, nayo yonke ingxubevange yezizwe , neKhubi, nabamazwe ahlangeneyo bayakuwa nabo ngenkemba.
Usho kanje uJehova , uthi: Nabo abaliphasa iGibithe bayakuwa , ukukhukhumala kwamandla alo kuyakwehla ; kusukela eMigidoli kuze kube seSevene bayakuwa kulo ngenkemba, isho iNkosi uJehova.
Uyakusho kanje kubo , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kuphila kwami, abasezincithakalweni, ngempela, bayakuwa ngenkemba , nosendle ngiyakumnika izilwane ukuba adliwe, nabasezinqabeni nasemihumeni bayakufa ngesifo.
Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu , nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.
Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe.
Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi ; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.
Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela , ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.