Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo , nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.
Bathandekayo, masithandane, ngokuba uthando luvela kuNkulunkulu, nabo bonke abathandayo bazelwe nguNkulunkulu, bayamazi uNkulunkulu.