Skip to Content

"bayindlu"

6 occurrences in ZUL

Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo , bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.

Wena ndodana yomuntu , ungabesabi, ungesabi namazwi abo , noma amakhakhasi nameva kukuwe , uhlezi phakathi kwawofezela ; ungawesabi amazwi a bo, ungapheli am andla ngobuso babo , ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Ngiyakunamathelisa ulimi lwakho olwangeni lwakho ukuba ube yisimungulu, ungabi ngumuntu obayalayo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Kepha lapho ngikhuluma nawe, ngiyakuwuvula umlomo wakho, wena uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova . Ozwayo makezwe , onganakiyo kayeke , ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Ndodana yomuntu , wena uhlala pha kathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa , abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.

Wena ndodana yomuntu , zenzele impahla yokuhamba , usuke emini emehlweni abo , umuke endaweni yakho emehlweni abo , uye kwenye ; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.