Bonke abantu bagawula , kwaba yilowo nalowo igatsha lakhe kanjalo , bamlandela u-Abimeleki, bawabeka enqabeni, bayithungela inqaba ngomlilo phezu kwabo ; bafa bonke abantu abasembhoshongweni waseShekemi , kungathi abayinkulungwane, abesilisa nabesifazane.
Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini , bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini , nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.