Ngokuba bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe ; akuyikuthengiswa ngazo zibe yizigqila.
Ngokuba abantwana bakwa -Israyeli bayizinceku kimi ; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.
Yona yamlandela uPawulu nathi, yamemeza yathi: Laba bantu bayizinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke ezimemezela kini indlela yensindiso.