Skip to Content

"bazenze"

8 occurrences in ZUL

Wokhuluma kubo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo en gibagcwalisile ngomoya wokuhlakanipha ukuba bazenze izambatho zika -Aroni zokumngcwelisa, ukuze angikhonze esikhundleni sobupristi.

njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

kubo abagcina isivumelwano sakh e bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.

ukuba bahambe ngezimi so zami , bagcine izahlulelo zami , bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.

Kepha abantwana bangihlubuka , abahambanga ngezimiso zami , abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze , umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami ; ngase ngithi ngiyakuthulu la ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.

Inceku yami uDavide iyakuba yinkosi phezu kwabo , kube ngumalusi munye kubo bonke; bayakuhamba ezahlulelweni zami, bagcine izimiso zami, bazenze.

Uma benamahloni ngakho konke abakwenzileyo, mawubazise isimo sendlu, nokubonakala kwayo , nezindawo zayo zokuphuma , nezindawo zayo zokungena, yebo, sonke isimo sayo kanye nazo zonke izimiso zayo , nazo zonke izimo zazo kanye nayo yonke imithetho yayo , ukulobe emehlweni abo ukuba bagcine sonke isimo sayo nazo zonke izimiso zayo, bazenze. Inkonzo yethempeli elisha

Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi , kodwa akayikuqonda noyedwa omubi ; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.