Abapristi babe yingcosana nje , babengenakuhlinza yonke iminikelo yokushiswa; abafowabo amaLevi base bebasiza , waze waphela umsebenzi , nabapristi baze bazingcwelisa , ngokuba amaLevi ayelungele ngezinhliziyo kunabapristi ukuba azingcwelise.
Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa , indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema ; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.