kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali . Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya,
Abafowabo kuyo yonke imindeni ka -Isakare, amaqhawe anamandla , babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisishiyagalombili nesikhombisa , bebhalwe bonke ngezizukulwane zabo.
Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.