Base behlabelela uMose nabantwana bakwa -Israyeli leli gama , bekhuluma bethi: Ngizakuhlabelela kuJehova , ngokuba uphakeme kakhulu ; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.
Kwathi ekufikeni kwabo , uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti , abesifazane baphuma emizini yonke yakwa -Israyeli, behlabelela besina , ukuba bamhlangabeze uSawule inkosi ngezigubhu , nangokuthokoza, nangezinkenenezo.