Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu , bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.
Kwathi benqaba , behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe , wathi kubo : Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.
Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo , behlambalaza;
Kepha laba behlambalaza , benjengezidalwa ezingenangqondo , ngemvelo zizalelwe ukubanjwa nokubhujiswa, nabo bazakubhujiswa ekubhujisweni kwazo, behlambalaza abangakwaziyo,