Kepha uNkulunkulu wabagwegwisa abantu ngendlela yasehlane ngaseLwandle Olubomvu ; abantwana bakwa -Israyeli bakhuphuka ezweni laseGibithe behlomile.
kepha uma bengaweli nani behlomile , bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.
Abantwana bakwaRubeni , nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa -Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo;