Skip to Content

"beka"

25 occurrences in ZUL

Wayesethi u -Abrahama encekwini enkulu yendlu yakhe eya yibusa konke anakho: Beka isandla sakho phansi kwethanga lami.

Wayesethi uJosefa kuyise : Kungabi njalo , ngokuba lo uyizibulo ; beka esokunene sakho ekhanda lakhe.

kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele lobufakazi , naphezu kwazo zonke izimpahla zalo , nakho konke okwalo ; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.

kepha namuhla nimlahlile uNkulunkulu wenu , yena owanisindisa ezingozini zenu zonke nasezinsizini zenu , nishilo nathi : Hhayi, kepha beka inkosi phezu kwethu . Ngalokho yimani phambi kukaJehova ngezizwe zenu nangezinkulungwane zenu.

Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

Beka inhliziyo yakho ekulayweni, nezindlebe zakho emazwini okwazi.

Kepha wathi : Awuyikubabulala; ungababulala yini labo obathumbile ngenkemba yakho nangomnsalo wakho na ? Beka isinkwa namanzi phambi kwabo ukuba badle, baphuze, baye enkosini yabo.

Wathi enkosini yakwa -Israyeli: Beka isandla sakho emnsalw eni. Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.

Beka, Jehova, indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , Jehova, ubone, uzwe amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

Beka icilongo emlonyeni wakho ; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova ; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.

Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.

Beka isandla sakho kuye; khumbula ukulwa; awusayikukuphinda.

Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa. wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho.

Ngikhala kuwe, ngokuba uyangizwa, Nkulunkulu; beka indlebe yakho kimi , uzwe izwi lami.

Beka kimi indlebe yakho , ungophule masinyane , ube yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa.

Ngikhulule ngokulunga kwakho , ungihlangulise; beka indlebe yakho kimi , ungisindise.

Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule, ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami, ulalele izwi lokunxusa kwami.

Ungafihli ubuso bakho kimi ngosuku losizi lwami; beka indlebe yakho kimi, ngosuku engimemeza ngalo usheshe ungiphendule.

Beka omubi phezu kwakhe ; makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.

Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

Ukukhazimula kwezimvunulo zakho baku beka kwaba ngukuziqhenya , benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.

Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,

UJehova wathi kimi : Ndodana yomuntu , beka inhl iziyo yakho , ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo , uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.

Nkulunkulu wami, beka indlebe yakho , uzwe; vula amehlo akho , ubheke izincithakalo zethu nomuzi obizwe ngegama lakho , ngokuba asilethi ukunxusa kwethu phambi kwakho ngenxa yokulunga kwethu kepha ngomusa wakho omkhulu.