Skip to Content

"belondekile"

12 occurrences in ZUL

Base bemuka labo bantu abayisihlanu , bafika eLayishi , babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendl ela yamaSidoni , benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe , bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile , bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.

OJuda no -Israyeli bahlala belondekile , kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe , kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.

Amazibulo a bampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile ; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa.

Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yam i, nangokufutheka kwami , nangolaka olukhulu , ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,

Bayakuhlala kulo belondekile, bakhe izindlu, batshale izivini, yebo, bahlale ngokulondeka, lapho ngenza ukwahlulela kubo bonke abanamafundululu kubo phakathi kwababahaqayo , bazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.

Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa ; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni , liqoqwe ezizweni eziningi , ezintabeni zakwa -Israyeli ezaziyincithakalo njalo , eselikhishiwe kubantu , bahlale belondekile bonke.

Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elisobala, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile , bonke abahlala bengenalugange , kungekho kubo imigoqo nezicabha,

Ngalokho profetha , ndodana yomuntu , uthi kuGogi : Isho kanje iNko si uJehova, ithi: Ngalolo suku , lapho abantu bami u -Israyeli behlala belondekile, angithi uyakukwazi na?

Ngiyakuthuma umlilo kuMagogi nakwabahlala belondekile eziqhingini , bazi ukuthi nginguJehova.

Bayakuthwala ihlazo l abo nazo zonke izeqo zabo abeqe ngazo kimi , lapho beyakuhlala belondekile ezweni lakubo, kungabikho obesabisayo,

Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle , nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni , ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.