Nxa abantu belwa , omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni,
Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo , size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli.
Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.
USawule nabo bonke abantu bakwa -Israyeli base besesigodini sase -Ela, belwa namaFilisti.
Yiba nomusa kimi , Nkulunkulu, ngokuba abantu bafuna ukungigwi nya; usuku lonke bayangicindezela belwa.
Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova , lapho uNebukadinesari , inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe , nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo , lathi:
Nangangomuso wafika kubo belwa , wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?