Izambatho ezingcwele zika -Aroni ziyakuba ngezamadodana akhe emva kwakhe ukuba bagcotshwe, bahlukaniselwe, bembathe zona.
Lapho bephumela egcekeni elingaphandle , igceke elingaphandle labantu , bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo , bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.