Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo ; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha , babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba , bawe bengaxoshwa muntu.
Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.