Skip to Content

"bengena"

12 occurrences in ZUL

u-Aroni namadodana akhe bawafake , nxa bengena etendeni lokuhlangana , nanxa besondela e -altare ukuyokhonza endaweni engcwele , ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.

Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e -altare ukuyokhonza , bawushise umnikelo womlilo kuJehova;

Nxa bengena etendeni lokuhlangana nanxa besondela e -altare, bageza njengalokho uJehova emyalile uMose.

Kwathi abantu bengena ekamu , amalunga akwa -Israyeli athi : UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na ? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo , siwulethe kithi , ufike phakathi kwethu , usisindise esandleni sezitha zethu.

Base bengena phakathi kuHezekiya inkosi, bathi: Sihlambulule yonke indlu kaJehova, ne-altare leminikelo yokushiswa , kanye nazo zonke izinto zayo , netafula lezinkwa zokubukwa.

Lapho abapristi bengena , abayikuphuma endaweni engcwele ukuya egcekeni elingaphandle, kepha bayakubeka lapho izambatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba bayingcwele ; bayakwembatha ezinye izingubo , basondele kulokhu okungokwabantu.

Kuyakuthi lapho bengena emasangweni egceke elin gaphakathi, bembathiswe izambatho zelineni , uboya bezimvu bungabathinti , lapho bekhonza emasangweni egceke elingaphakathi nasendlini.

Akuyikuphuza iwayini noyedwa umpristi , lapho bengena egcekeni elingaphakathi.

Kepha lapho abantu bezwe bengena phambi kukaJehova emikhosini emisiweyo, ongena ngen dlela yesango lasenyakatho ukuyokhuleka uyakuphuma ngendlela yesango laseningizimu ; ongena ngendlela yesango laseningizimu uyakuphuma ngendlela yesango lasenyakatho ; kayikubuya ngendlela yesango angene ngalo , kepha kuyakuphunywa kwelimalungana nalo.

Base bengena bonke abahlakaniphileyo benkosi , kepha behluleka ukuwufunda umbhalo nokwazisa inkosi incazelo.

Kuthe bengena ethuneni , babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.

Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.