"bengithi"
9 occurrences in ZUL
U-Abrahama wathi : Ngokuba bengithi : Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami.
Ngalokho baleka uye endaweni yakho ; bengithi ngiya kukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.
Uyise wathi : Bengithi impela umalile nokumala ; ngalokho ngamnika umngane wakho; udadewabo omelamayo kamuhle kunaye na? Ake umthathe esikhundleni sakhe.
bengithi ngiyakukwambulela kuwe , ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi ; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi , ngitshele ukuba ngazi , ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho. Wayesethi: Ngiyakulihlenga.
Kepha uNahamani wathukuthela , wahamba, wathi: Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.