Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu . Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi , kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa.
Lokhu kungukuthi akusibo abantwana benyama abangabantwana bakaNkulunkulu labo, kodwa abantwana besithembiso bathiwa inzalo.
kepha niyazi ukuthi kwaba ngenxa yobuthakathaka benyama ukuba ngishumayele ivangeli kini okokuqala,
Futhi-ke sasinawobaba bethu benyama abasilayayo, sabazisa; pho, asiyikuthobela uYise wawomoya kakhulu kunalokho, siphile, na?