Kepha isilinganiso sezitini ekade besenza , bamiseleni sona, ningasinciphisi, ngokuba bayenqena ; ngalokho bayakhala bathi : M asihambe sihlabele uNkulunkulu wethu.
Bonke abantu bayakuzwa, besabe, bangabe besenza ngokuziqhenya.
Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaning i ngokwesabisayo nxazonke ; besenza icebo ngami bahlosa ukubulala umphefumulo wami.