Kepha wena Betlehema Efra tha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe , ozakuba ngumbusi kwa - Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.
Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbus i oyakwalusa isizwe sami u - Israyeli.