noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi , beyisihlanu.
Amadodana ka -Uzi: nguJizirahiya; amadodana kaJizirahiya : ngoMikayeli, no-Obadiya, noJoweli, noJishiya, beyisihlanu, beyizinhloko bonke.
Amadodana kaBela : ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise , amaqhawe anamandla , beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amatha thu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.