Skip to Content

"bezenzo"

11 occurrences in ZUL

Gezani, nihlanzeke, nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami , niyeke ukwenza okubi.

UJehova uyakukwehlisela isiqalekiso , nokuphaphatheka, nokusolwa, kukho konke obeka isandla sakho kukho ukuba ukwenze , uze uchithwe , ubhubhe ngokushesha ngenxa yobubi bezenzo zakho ongidelele ngazo.

Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova. Imicabango yakho ijulile kakhulu.

Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe , abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa ; bahlubuka ngaselwandle , uLwandle Olubomvu.

Zisokeleni kuJehova , nisuse amajwabu ezinhliziyo zen u nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema , funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.

O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , funa uku futheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimay o ngenxa yobubi bezenzo zenu.

Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli ngabelusi abelusa abantu bami , uthi: Nihlakazile izimvu zami , nazixosha, anizihambelanga. Bhekani, ngiyakuhambela ububi bezenzo zenu kini, usho uJehova.

Uma bebemi emkhandlwini wami, nga bezwisile abantu bami amazwi ami , bababuyise endleleni yabo embi, nasebubini bezenzo zabo.

lapho kwathiwa : Ake nibuye , kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi , nasebubini bezenzo zenu , nihlale ezweni uJehova alinike nina nawoyihlo, kusukela phakade kuze kube phakade,

Mhlawumbe bayakulalela , baphenduke, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngibuye kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kubo ngenxa yobubi bezenzo zabo.

Bonke ububi babo buseGiligali ; ngalokho ngabazonda khona ; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami , angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.