"bezindawo"
5 occurrences in ZUL
UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda , wenyukela e - altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo ; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo.
Walibiza i -altare ngezwi likaJehova , wathi: Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide , nguJosiya igama lakhe ; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.
Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo.