"bezwa"
35 occurrences in ZUL
Khona kwasondela abafundi bakhe , bathi kuye : Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?
Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga ; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.
Kwathi emva kwezinsuku ezintathu sebesenzile isivumelwano nabo, bezwa ukuthi bangabakhelwane babo nokuthi bahlala phakathi kwabo.
Abantwana bakwa -Israyeli bezwa kuthiwa : Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana ba kwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i -altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli.
Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa -Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?
Inkosi yabayaleza oJowabe no -Abishayi no-Ithayi, yathi: Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu. Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.
Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke , ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: Inkosi idabukile ngendodana yayo.
Abantu ababemisile bezwa kuthiwa : UZimri wenzile ugobe , ubulele nenkosi; ngalokho wonke u -Israyeli wambeka u -Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.
Kepha lapho uSanebalati , umHoroni, noThobiya inceku yakwa -Amoni, noGeshemi wase -Arabiya bezwa lokho , basihleka usulu , basidelela, bathi: Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?
UNehemiya owayengumbusi , no-Ezra umpristi nombhali , namaLevi ayebafundisa abantu , bathi kubantu bonke : Lolu suku lungcwele kuJehova uNkulunkulu wenu ; ningalili, ningakhali. Ngokuba bonke abantu bakhala , lapho bezwa amazwi omthetho.
wabaxwayisa ukuba ubabuyisele emthethweni wakho, kepha baqholosha, kabayilalelanga imiyalo yakho, kodwa bona ezahlulelweni zakho, okothi uma umuntu ezenza , uyakuphila ngazo , baphendula ihlombe ngenkani , benza lukhuni intamo yabo, abaze bezwa.
Inkosi uJehoyakimi, nawo onke amaqhawe ayo, nazo zonke izikhulu bezwa amazwi akhe ; inkosi ya funa ukumbulala; kepha u-Uriya wakuzwa, wesaba, wabaleka, waya eGibithe.
Zalalela zonke izikhulu , nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele , kube y ilowo nalowo isigqila sakhe , yilowo nalowo isigqilakazi sakhe , ukuba zihambe , zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe.
Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo , bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.
Hamba uye kubathunjwa , kubantwana babantu bakho , ukhulume kubo , uthi kubo: Isho njalo iNkosi uJehova, noma bezwa noma benganaki.
Bafika kuwe njengokufika kwabantu, bahlala phambi kwakho njengabantu bami, bezwa amazwi akho , abawenzi kodwa , ngokuba ngomlomo wabo babonakalisa uthando olukhulu, kepha inhliziyo yabo ilandela inzuzo yabo.
Bheka, uyisihlabelelo esithandekayo sonephimbo elimnandi kubo , obetha kahle ngogubhu, ngokuba bezwa amazwi akho, abawenzi kodwa.
Ngalokho lapho abantu bezwa ukukhala kwecilongo , negenkle, nehabhu, nomqangala, nogubhu, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, bonke abantu , nezizwe, nezilimi bawa phansi , bakhuleka esithombeni segolide asimisile yo uNebukadinesari inkosi.
Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso , ngokuba noma bebon a, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.
ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni , bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu sayo saba sikhulu kuye, bathokoza naye.
Wathi-ke: Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu , kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni , bezwa bangaqondi.
AbaFarisi bezwa isixuku sikhonona ngalezo zinto ngaye; abapristi abakhulu nabaFarisi base bethuma izikhonzi ukuba zimbambe.
Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo , abanye bahleka usulu , kepha abanye bathi: Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.