Skip to Content

"bobabili"

58 occurrences in ZUL

Babehamba ze bobabili, u-Adamu nomkakhe, bengenamahloni.

Ayesevuleka amehlo abo bobabili , babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

uManase u -Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi , isandla sakh e siseluliwe.

UHamu uyise kaKhanani wabona ubunqunu bukayise , watshela abafowabo bobabili bengaphandle.

OShemi noJafete bathatha ingubo , bayifaka emahlombe abo bobabili , bahamba nyovane , basibekela ubunqunu bukayise ; ubuso babo babubh eka emuva, abaze babona ubunqunu bukayise.

U-Abrahama wayesethatha izimvu nezinkabi , wazipha u -Abimeleki; labo bobabili benza isivumelwano.

Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba , ngokuba bafunga khona bobabili.

U-Abrahama wathatha izinkuni zomnikelo obuzakushiswa , wazibeka phezu kuka-Isaka indodana yakhe , waphatha esandleni sakhe uml ilo nomese ; bahamba bobabili kanyekanye.

U-Abrahama wathi : UNkulunkulu uzakuzibonela imvu yomnikelo ezakushiswa, ndodana yami, bahamba bobabili kanyekanye.

Baphupha iphupho bobabili, kwaba yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye , yilowo nalowo ngoko kuchazwa kwephupho lakhe , umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe , ababeboshwe etilongweni.

UJosefa wayesebathatha bobabili , u-Efrayimi ngesokunene , engakwesokhohlo sika -Israyeli, noManase ngesokhohlo , engakwesokunene sika-Israyeli, wabasondeza kuye.

Ngezindaba zonke zamacala , eyenkabi, neyembongolo, neyemvu, neyengubo, neyento elahlekileyo , umuntu asho ngayo ukuthi ngeyakhe , indaba yabo bobabili iyakuza phambi kukaNkulunkulu ; olahlwa nguNkulunkulu uyakumkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.

kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe ; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.

ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo , babeka impepho phezulu , banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.

Abanamandla bayakuba njengefilakisi , nemisebenzi yabo njengenhlansi ; bayakusha bobabili kanyekanye, akuyikubakho ocimayo.

Nowesifazane elale naye indoda, imlalile yamthela ngamalotha, bayakugeza bobabili ngamanzi, babe ngabangcolile kuze kuhlwe.

Umuntu olala nomkayise wambulile ubunqunu bukayise ; bobabili bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

Uma umuntu elala nomalokazana wakhe , bobabili bobulawa nokubulawa; benzile ichilo; igazi labo malibe phezu kwabo.

Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane , bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.

Uma umuntu elala nowesifazane onefindo lakhe, ambule ubunqunu bakhe, unqunisile umthombo wakhe , naye wambulile umthombo wegazi lakhe ; bobabili bayakunqunywa kubantu bakubo.

UJehova w ehla esensikeni yefu , wema ngasemnyango wetende , wabiza o - Aroni noMiriyamu; baphuma bobabili.

wamlandela umuntu wakwa -Israyeli, wangena etendeni , wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe . Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli.

Uma indoda ifunyanwa ilele nowesifazane ogane enye indoda , bayakufa bobabili, indoda ebilele nowesifazane nowesifazane uqobo ; kanjalo uyakukhipha ububi kwa-Israyeli.

niyakubakhiphela bobabili ngasesangweni lalowo muzi , nibakhande ngamatshe baze bafe , intombi, ngokuba ayikhalanga ingani isemzini , nendoda, ngokuba imonile umkamakhelwane wakhe ; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho.

UJonathani wathi kuDavide : Woza siye endle . Baphuma bobabili , baya endle.

Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.

Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe ; uyise wentombi wathi : Ake uhlumelele inhliziyo yakho , nihlale lize lithambame ilanga. Badla-ke bobabili.

OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe.

Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema . Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: Lo unguNawomi na?

Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi : Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa -Israyeli, ucebe e -Efratha, ube nodumo eBetlehema;

Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, oHofini noFinehasi; ngalusuku lunye bayakufa bobabili.

Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.

Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti ; amaFilisti ayesethi : Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.

Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova ; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe. Inkohliso yabaseZifi

UDavide wathatha no-Ahinohama waseJizreyeli; baba ngomkakhe bobabili.

UDavide wahlala no -Akhishi eGati , yena nabantu bakhe , kwaba yilowo nalowo nomuzi wakhe , uDavide enawomkakhe bobabili , o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili waseKarmeli umkaNabali.

NawomkaDavide bobabili babethunjiwe , o-Ahinohama waseJizreyeli no - Abigayili umkaNabali waseKarmeli.

UDavide wakhulula konke okw akuthathwe ngama -Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili.

Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.

UJehova wamnika uSolomoni ukuhlakanipha njengokusho kwakhe kuye ; kwakukhona ukuthula phakathi kukaHiramu noSolomoni ; benza isivumelwano bobabili. Ukwakhiwa kwethempeli kuyalungiswa

Ompofu no cindezelayo bandawonye ; uJehova ukhanyisa amehlo abo bobabili.

Kwathi ngaleso sikhathi , lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema , umprofethi u -Ahiya waseShilo wamfumana endlel eni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle.

U-Eliya wathi kuye : Ake uhlale lapha , ngokuba uJehova ungithumile eJordani. Kepha wathi: Kuphila kukaJehova nokuphila kwakho , angiyikukushiya. Bahamba-ke bobabili.

Abantu abangamashumi ayisihlanu bamadodana abaprofethi baya bema khashana maqondana nabo; bona bobabili bema ngaseJordani.

U-Eliya wathatha ingubo yakhe , wayisonga, washaya amanzi , ahlukana ngalapha nangalapha, bawela bobabili emhlabathini owomileyo.

Kwathi beselokhu behamba bekhuluma , bheka, nanso inqola yomlilo namahhashi omlilo , kwabahlukanisa bobabili ; u-Eliya wakhuphukela ezulwini ngesivunguvungu.

Wangena, wabavalela bobabili isivalo, wakhuleka kuJehova.

kepha badlulwa bobabili nguye ongakabikho , ongabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.

Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.

Yebo, yena uyakulakha ithempel i likaJehova , athwale ubukhosi , ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi , kube khona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.

Ngabona ukuthi wangcoliswa; bobabili bahamba ngandlelanye.

Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.

Kepha babengenamntwana , ngokuba u -Elisabethe wayeyinyumba ; bobabili base bekhulile.

Bengenanto yokukhokha , wabayekela bobabili . Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?

Bagijima bobabili kanyekanye; kepha umfundi omunye wagijima kakhulu kunoPetru, wafika kuqala ethuneni;

Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.

enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu em zimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho.

Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phamb i kwaso , abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso ; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.