Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomn deni wabo , bephuma kuso sonke isizwe sabo , amaqhawe, beseSora nase -Eshitawoli, ukuba bahlole izwe , balicinge; bathi kubo: Hambani, nilicinge izwe, bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.