Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale , nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo , funa babone ngamehlo abo , bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.
Ngokuba yilowo nalowo uyakufa ngobubi bakhe ; bonke abantu abazidla izithelo zomvini ezimuncu amazinyo abo ayakuba buthuntu.
Kepha bala ukulalela , baphekula ihlombe, benza izindlebe zabo zaba buthuntu ukuba bangezwa.
ngokuba inhliziyo yalesi sizw e seyaba buthuntu ; bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.
Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni.
ukuba ningabi buthuntu , kodwa nibaling ise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.