Skip to Content

"buyelani"

17 occurrences in ZUL

Kwathi sebeqedile amabele ababewathengile eGibithe , uyise wathi kubo: Buyelani, nisithengele ukudlana.

Wathi ubaba: Buyelani, nisithengele ukudlana.

UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.

Hamba, usho kubo ukuthi: Buyelani ematendeni enu.

Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu.

Wayesethi ku-Israyeli wonke: Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani indodana yami siyakubuyela nganhlanye . Abantu bathi kuSawule : Yenza okuhle emehlweni akho.

UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa -Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela izwi likaJehova , babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.

Wathi kubo: Buyelani kimi emva kwezinsuku ezintathu. Basuka-ke abantu.

UJerobowamu nabantu bonke ba se befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi ithi: Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.

Usho kanje uJehova , uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu ; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe , ngokuba le nto ivela kimi . Balalela amazwi kaJehova, babuya ekumhlaseleni uJerobowamu. Ukwakha kukaRehobowamu

Zase zihamba izigijimi nezincwadi eziphuma esandleni senkosi nasezikhulwini zayo, zaya kuye wonke u -Israyeli noJuda ngesiyalezo senkosi sokuthi: Nina bantwana bakwa -Israyeli, buyelani kuJehova uNkulunkulu ka - Abrahama noka -Isaka noka -Israyeli ukuba abuyele kuyo insali yenu yabasindileyo esandleni samakhosi ase-Asiriya.

Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika , bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: Buyelani kithi.

Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa - Israyeli.

Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Buyelani kimi, usho uJehova Sebawoti, ngiyakubuyela kini, usho uJehova Sebawoti.

Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.

Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami , anizigcinanga. Buyelani kimi , ngiyakubuyela kini , usho uJehova Sebawoti . Nokho nithi : Siyakubuyela kanjani?