U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali izinsiko zombil i, ubude bayo buyingalo, wayibhinca phansi kwengubo yakhe ethangeni lokunene. Ukufa kuka-Egiloni
Kwakungamatafula amane omnikelo wokushiswa amatshe abaz iweyo, ubude buyingalo nenxenye , nobubanzi buyingalo nenzenye , nokuphakama kuyingalo, ababeka phezu kwawo izinto abahlaba ngazo umnikelo wokushiswa nomhlatshelo.
Lezi zaziyizilinganiso ze -altare ngezingalo , ingalo iyingalo nobubanzi besandla: isinqe sasiyingalo ukuphakama kwaso , nobubanzi buyingalo ; umncele walo ngaseceleni kwalo nxazonke wawunjengokudazuluka kweminwe; lokhu kwakungukuphakama kwe-altare;
kusukela esinqeni emhlabathini kuze kube sonqenqemeni oluphansi kwakuyizingalo ezimbili , ububanzi buyingalo ; kusukela onqenqemeni oluncane kuze kube sonqenqemeni olukhulu kwakuyizingalo ezine , ububanzi buyingalo.