Kepha kwathi abafundi bembunganyele , wavuka, wangena emzini . Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.
Khona wehlela eDerbe naseListra . Bheka, kwakukhona lapho umfundi othile, nguThimothewu igama lakhe , indodana yowesifazane wakwaJuda okholiweyo, kepha uyise wayengumGreki,