Skip to Content

"edilini"

8 occurrences in ZUL

Wathi u-Esteri: Uma kukuhle enkosini , inkosi noHamani mabeze namuhla edilini engiyilungisele lona.

Yathi inkosi: Msheshiseni uHamani ukuba kwenziwe njengezwi lika -Esteri. Base beya inkosi noHamani edilini alilungisileyo u-Esteri.

Uma ngifumene umusa emehlweni enkosi noma kukuhle enkosini ukunginika lokho engikucelayo nokwenza lokho engikufunayo , makuze inkosi noHamani edilini engiyakubalungisela lona ; ngiyakwenza kusasa njengezwi lenkosi. Ukuziphakamisa nokuthukuthela kukaHamani

UHamani wathi futhi : U-Esteri, inkosikazi, akangenisanga muntu kanye nenkosi edilini alilungisileyo ngaphandle kwami; nakusasa mina ngimenyiwe nguye kanye nenkosi.

Wayesethi uZereshi umkakhe nabo bonke abangane bakhe kuye : Yenza umuthi, ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisihlanu , ukhulume ekuseni enkosini ukuba uMoridekayi aphanyekwe kuwo , besewungena ngokuthokoza kanye nenkosi edilini . Laba lihle lelo zwi kuHamani, wenza umuthi.

Besakhuluma naye, zafika izinduna zenkosi , zashesha ukumyisa uHamani edilini u-Esteri alilungisileyo.

Yafika-ke inkosi noHamani edilini lika-Esteri inkosikazi.

Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini , yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u -Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.