Skip to Content

"edomi"

116 occurrences in ZUL

U-Esawu wathi kuJakobe : Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu , kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe, ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.

UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.

Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.

U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri.

nomnumzane uKora , nomnumzane uGathamu , nomnumzane u -Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku -Elifazi ezweni lakwa -Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada.

Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka -Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera , nomnumzane uShama , nomnumzane uMiza ; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa -Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu.

Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu- Edomi. Inzalo kaSeyiri

noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi.

Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa -Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli.

UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa -Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo ; nguyena u -Esawu uyise wabakwa-Edomi.

Khona aphaphatheka amakhosi akwa -Edomi; izikhulu zakwaMowabi zabanjwa yitwetwe; bonke abakhe eKhanani baphelile amandla.

Lokhu kwakungamanzi aseMeriba , ngokuba abantwana bakwa -Israyeli balwa noJehova, wangcweliswa kubo. U-Edomi uvimbela u-Israyeli

UMose wathuma izithunywa enkosini yakwa -Edomi, zisuka eKadeshi , wathi: Usho kanje umfowenu u-Israyeli: Uyazazi zonke izinkathazo ezisehlele

U-Edomi wathi kuye: Awuyikudabula kimi, funa ngikusukele ngenkemba.

Kepha wathi: Awuyikudabula. U-Edomi wayesephuma wamsukela nabantu abaningi nesandla esinamandla.

Kanjalo u -Edomi wala ukuba u -Israyeli adabule izwe lakhe ; ngalokho u - Israyeli wachezuka kuye. Ukufa kuka-Aroni

UJehova wakhuluma kuMose naku -Aroni entabeni yaseHori ngasemkhawulweni wezwe lakwa-Edomi, wathi:

Basuka entabeni yaseHori ngendlela yoLwandle Olubomvu ukuba bazungeze izwe lakwa-Edomi; inhliziyo yabantu yaphela amandla ngenxa yendlela.

U-Edomi uyakuba yifa ; uSeyiri uyakuba yifa naye , owayengowezitha zakhe, u-Israyeli esenza okubuqhawe.

Basuka eKadeshi, bamisa entabeni yaseHori eceleni kwezwe lakwa-Edomi.

uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini , lugudle elakwa - Edomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle Lukasawoti ngasempumalanga,

Unganengwa ngowakwa -Edomi, ngokuba ungumfowenu ; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.

Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa -Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu , ngasekupheleni kweningizimu.

Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwa-Edomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri,

Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.

u-Israyeli wathuma izithunyw a enkosini yakwa -Edomi, wathi: Ake ngidabule izwe lakho ; kepha inkosi yakwa -Edomi ayilalelanga ; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo ; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.

Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi , wamisa ngaphesheya kwe - Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi , ngokuba i - Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula.

Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku , ebambekile phambi kukaJehova , ogama lakhe lalingu Dowegi wabakwa - Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku -Ahimeleki indodana ka - Ahithubi.

Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni.

UDavide wathi ku-Abiyathara: Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa - Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule ; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo.

Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide , kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka -Obede Edomi umGiti.

Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka -Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.

Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka -Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu . UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka -Obede Edomi , wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; kulo lonke lakwa -Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e -Esiyoni Geberi elingasecel eni kwe - Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi.

UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye , uHadadi wakwa -Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi.

Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi

ngokuba uJowabe naye wonke u -Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi

uHadadi wabaleka , yena nabakwa -Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane.

Kwakungekho nkosi kwa-Edomi; kwabusa umbambeli.

Wathi futhi: Siyakwenyuka ngayiphi indlela na ? Yathi: Ngendlela yasehlane lakwa-Edomi.

Yayisihamba inkosi yakwa -Israyeli, nenkosi yakwaJuda , nenkosi yakwa - Edomi; azungeza indlela yezinsuku eziyisikhombisa ; kwakungekho manzi empi nawezinkomo ezibalandelayo.

Wayesethi uJehoshafati: Izwi likaJehova likuye . Base behlela kuye inkosi yakwa-Israyeli, noJehoshafati, nenkosi yakwa-Edomi.

Kwathi ekuseni ngesikhathi sokunikela ngomnikelo wempuphu , bheka, kwafika amanzi ngasendleleni yakwa-Edomi, izwe lagcwala amanzi.

Yathi ibona inkosi yakwaMowabi ukuthi ukulwa kuyayahlula , yathatha abantu abangamakhulu ayisikhombisa abahosha inkemba ukufohlela enkosini yakwa-Edomi, kepha bahluleka.

Emihleni yakhe u -Edomi wahlubuka phansi kwesandla sakwaJuda , wazibekela inkosi.

UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye ; wavuka ebusuku, wamchitha u -Edomi omhaqileyo nxazonke , nezinduna zezinqola , kepha abantu babalekela ematendeni abo.

Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla . Khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi.

Wabulala ku -Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi , wathatha iSela ngokulwa , waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.

Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile ; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena , noJuda ekanye nawe , na?

Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa -Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba.

Wafa uHadadi ; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba : umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti,

nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.

UDavide akawuyisanga umphongolo kuye emzini kaDavide , kepha wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.

Umphongolo kaNkulunkulu wahlala nabendlu ka -Obede Edomi endlini yakhe izinyanga ezintathu; uJehova wayibusisa indlu ka-Obede Edomi nakho konke anakho.

bekanye nabo abafowabo besigaba sesibili: oZakariya, noBeni, noJahaziyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, no-Uni, no-Eliyabe, noBenaya, noMahaseya, noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi , noJehiyeli, abalindisango,

noMatithiya, no-Elifelehu, noMikineya, no-Obede Edomi , noJehiyeli, no- Azaziya ukuba babe namahabhu alungiselwe iSheminiti ukuba bahole.

OShebaniya, noJehoshafati, noNethaneli, no-Amasayi, noZakariya, noBenaya, no-Eliyezeri, abapristi, bashaya amacilongo phambi komphongolo kaNkulunkulu; o-Obede Edomi noJehiya babe ngabalindisango bomphongolo.

UDavide namalunga akwa -Israyeli nezinduna zezinkulungwane baya ukuwukhuphula umphongolo wesivumelwano sika Jehova endlini ka -Obede Edomi ngokuthokoza;

ngu-Asafa inhloko nabesigaba sakhe sesibili , oZakariya, noJehiyeli, noShemiramoti, noJehiyeli, noMatithiya, no-Eliyabe, noBenaya, no-Obede Edomi, noJehiyeli, benezingubhu namahabhu , kanye no -Asafa ephethe amasimbali, ewabetha,

kanye no -Obede Edomi nabafowabo abangamashumi ayisithupha nesishiyagalombili u -Obede Edomi indodana kaJeduthuni noHosa babe ngabalindisango

Nalezo inkosi uDavide yayizingcwelisela uJehova kanye nesiliva negolide alisusa ezizweni zonke : ku-Edomi, nakuMowabi, nakubantwana bakwa - Amoni, nakumaFilisti, nakuma-Amaleki.

U-Abishayi, indodana kaSeruya , wabulala kwabakwa -Edomi esiGodini sikaSawoti, izinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili.

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; bonke abakwa -Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. Izinduna zikaDavide

U-Obede Edomi wayenamadodana : nguShemaya izibulo , noJehozabadi owesibili, noJowa owesithathu, noSakari, owesine, noNethaneli owesihlanu,

Bonke labo babe ngamadodana ka -Obede Edomi , bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni , engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.

Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,

Khona uSolomoni waya e -Esiyoni Geberi , nase-Elito, ogwini lolwandle ezweni lakwa-Edomi.

Emihleni yakhe u -Edomi wahlubuka phansi kwes andla sakwaJuda , wazibekela inkosi.

Wayesewela uJehoramu nezinduna zakhe, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wabachitha abakwa-Edomi abamhaqileyo kanye nezinduna zezinqola.

Wahlubuka-ke u-Edomi phansi kwesandla sakwaJuda kuze kube namuhla ; khona lahlubuka neLibina ngasona leso sikhathi phansi kwesandla sakhe , ngokuba wayemshiyile uJehova uNkulunkulu wawoyise.

Kwathi u -Amasiya esebuyile ekubulaleni abakwa -Edomi, waletha onkulunkulu babantwana baseSeyiri, wabamisa babe ngonkulunkulu bakhe , wakhothama phambi kwabo, wabashisela impepho.

Uthi: Bheka, ngichithile u -Edomi; inhliziyo yakho iyakuphakamisa ukuba uzidumise; hlala ekhaya manje; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?

Kepha u-Amasiya akalalelanga , ngokuba kwavela kuNkulunkulu ukuba abanikele esandleni sezitha zabo , ngokuba babefunile onkulunkulu bakwa - Edomi.

Wathatha lonke igolide nesiliva , nazo zonke izitsha ezafunyanwa end lini kaJehova ku -Obede Edomi , nengcebo yendlu yenkosi , nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

Ngokuba phezu kwakho konke babef ikile abakwa -Edomi, bashaya uJuda , bathumba abathunjwa.

UMowabi uyisitsha sami sokuhlambela; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; yethaba ngami, Filistiya.

Ngubani oyakungiyisa emzini oqinileyo na ? Ngubani oyakungiholela kwa - Edomi na?

amatende ka-Edomi naka-Ishmayeli, nakaMowabi nakaHagari,

UMowabi uyisitsha s ami sokuhlambela ; phezu kuka -Edomi ngiphonsa isicathulo sami; phezu kweFilistiya ngiyethaba.

Ngubani oyakungiyisa emzini oyinqaba na ? Ngubani oyakungiholela kwa- Edomi na?

Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema , ngenxa yabantwana bakwa - Edomi abathi: Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.

Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga , baphange kanyekanye abantu basempumalanga , belulele izandla zabo ngaku -Edomi noMowabi, abakwa-Amoni babalalele.

Ngokuba i nkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini ; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

UJehova unenkemba ; igcwele igazi , inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

Ngubani lona ovel a kwa -Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira , lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe , na? Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.

iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane , ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.

o-Edomi, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni,

ukuthume enkosini yakwa -Edomi, nasenkosini yakwaMowabi , nasenkosini yabantwana bakwa-Amoni, nasenkosini yaseTire , nasenkosini yaseSidoni ngesandla sezithunywa ezifika eJerusalema kuSedekiya inkosi yakwaJuda,

Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi , naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwa Juda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,

Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni, usho uJehova. Isiprofetho ngo-Edomi

U-Edomi uyakuba yisimangaliso , kumangale yilowo nalowo odlula kuye , ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.

Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehov a asinike ngo -Edomi namaceb o awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi : Abancinyane bomhlambi bayakudonswa, basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.

Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka , andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa -Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo. Isiprofetho ngeDamaseku

Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.

Ububi bakho sebuphelile, ndodakazi yaseSiyoni, kasayikukuthumba. Ububi bakho, ndodakazi yakwa-Edomi, uyakubuhambela, azambule izono zakho.

Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngenxa yokuba u -Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo,

ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiyakwelulela isandla sami ku - Edomi, nginqume kuye abantu nezilwane , ngimenze ize kusukela eThemani , bawe ngenkemba kuze kube seDedani.

Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka -Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.

Lapho kukhona u -Edomi, amakhosi akhe nazo zonke izikhulu zakhe , abathe nakuba bebe nobuqhawe babekwa nababulewe ngenkemba ; bayakulala nabangasokile nabehlela egodini.

Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa -Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe : uyakuba yincithakal o, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u -Edomi, yebo, wonke wakhe , bazi ukuthi nginguJehova.

yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;

Iyakungena nasezweni elihle , namanye amaningi ayakukhubeka , kepha lana ayakophulwa esandleni sayo : o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.

IGibithe liyakuba yincithakalo , u-Edomi abe yihlane lencithakal o ngenxa yendluzula e yenziwe kubantwana bakwaJuda , ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.

Usho kanje uJehova, uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseGaza, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bathumba abantu ngokuthumba okupheleleyo ukuba babakhaphele ku-Edomi.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zaseTire , yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba bakhaphela abantu ngokuthumba okupheleleyo ku-Edomi, bangakhumbuli isivumelwano sabazalwane.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwa-Edomi, yebo, ngenxa yezine , angiyikuguquka, ngokuba wamxosha umfowabo ngenkemba, walahla isihe sakhe , wagcina ulaka lwakhe , wayilondoloza intukuthelo yakhe.

Usho kanje uJehova , uthi: Ngenxa yeziphambeko ezintathu zakwaMowabi, yebo, ngenxa yezine, angiyikuguquka, ngokuba washisa amathambo enkosi yakwa-Edomi aba ngumcako.

ukuze badle ifa lensali yakwa -Edomi nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami, usho uJehova okwenza lokhu.

Umbono ka -Obadiya. Isho k anje iNkosi uJehova ngo -Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova , kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: Vukani, simvukele ngokulwa.

Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa -Edomi ngalolo suku , usho uJehova, nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?

Uma u-Edomi ethi: Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo , usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi , nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade.