Ngase ngithi : Angisayikunalusa; efayo mayife, eyakuchithwa mayichithwe, neziseleyo mazidle, kube yileyo naleyo inyama yenye.
Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini , yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.
Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo.