Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no- Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.
Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.
Amadodana ka -Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa.
Nazi izinhloko zezindlu zawoyise : o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla , amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.