URehobowamu es efikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili , amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.