Skip to Content

"eheshiboni"

15 occurrences in ZUL

U-Israyeli wathatha yonke le mizi ; u-Israyeli wahlala emizini yonke yama - Amori eHeshiboni nasemizini yonke yalo.

Ngalokho abakhulu ngezaga basho bathi: Wozani eHeshiboni; makwakhiwe, umuzi kaSihoni umiswe;

ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni ; ilangabi livelile emzini kaSi honi; liqedile i-Ari lakwaMowabi nabakhe emadulini ase-Arinoni.

UJehova wathi kuMose: Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.

esenqobile uSihoni inkosi yama -Amori, owahlala eHeshiboni, no-Ogi inkosi yaseBashani, owahlala e-Ashitaroti ngase-Edireyi.

UJehova wayesethi kimi : U ngamesabi, ngokuba ngimnikele yena nabo bonke abantu bakhe nezwe lakhe esandleni sakho , wena wenze kuye , njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori, owahlala eHeshiboni.

ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama -Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.

uSihoni inkosi yama -Amori owayehlala eHeshiboni , ebusa kusukela e - Aroweri eliseceleni kwesigodi sase -Arinoni, naphakathi nesigodi , nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki , umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,

nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama -Amori owabusa eHeshiboni , kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni,

nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama- Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe.

kusukela eHeshiboni kuze kufike eRamati Mispa naseBethonimi , kusukela eMahanayimi kuze kufike emkhawulweni weDebiri;

U-Israyeli esahlala eHeshiboni nasemizaneni yalo , nase-Aroweri nasemizaneni yalo , nasemizini yonke engaseceleni kwe -Arinoni iminyaka engamakhulu amathathu, anisaphucanga ngani yona ngaleso sikhathi na?

Udumo lukaMowabi alusekho ; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi : Wozani simnqume , angabe esaba yisizwe . Nawe Madimeni uyakuthuliswa , inkemba ikulandele.

Kusukela eHeshiboni elikhalay o liyezwakalisa ukukhala kwal o kuze kube se-Elehale naseJahasi, kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi nase-Egilati Shelishiya, ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.

Emthunzini waseHeshibon i ababalekileyo bayema bephelile amandla , ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni , nelangabi phakathi kweSihoni ; udlile amacele akwaMowabi, nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.