Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo ; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
Inceku eqondileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo ; iyakudla ifa phakathi kwezelamani.
Ochitha uyise noxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.