"ejizreyeli"
11 occurrences in ZUL
UDavide wavuka ekuseni , yena nabantu bakhe , ukuba bahambe ekuseni , babuyele ezweni lamaFilisti. AmaFilisti enyukela eJizreyeli.
UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo . Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha , wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.
Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala ngamafu nangomoya , lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.
Inkosi uJoramu yabuyela ukwelashwa eJizreyeli emanxebeni ayo ayemlimaze wona ama -Aramu eRama ekulweni kwayo noHazayeli inkosi yase-Aramu. U-Ahaziya, indodana kaJehoramu , inkosi yakwaJuda , wehlela ukumbona uJoramu, indodana ka-Ahabi eJizreyeli, ngokuba wayegula.
kepha inkosi uJoramu yayibuyele eJizreyeli ukuba yelashwe emanxebeni ayo eyayilinyazwe wona ngama -Aramu ekulweni kwayo noHazayeli , inkosi yase-Aramu, uJehu wathi: Uma kungumqondo wenu lokhu , makungabaleki muntu, aphume emzini, aye ukubika eJizreyeli.
UJehu wayesekhwela inqola, waya eJizreyeli, ngokuba uJoramu wayelele lapho. U-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, wayehlele ukumbona uJoramu.
UJehu esefikile eJizreyeli , u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe , wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.
Wayeseloba incwadi yesibili kubo , ethi: Uma ninami , nilalela izwi lami , thathani amakhanda alaba bantu , amadodana enkosi yenu , nize kimi eJizreyeli ngalesi sikhathi kusasa . Amadodana en kosi engabantu abangamashumi ayisikhombisa ayekwabakhulu bomuzi ababewondla.
Kwathi incwadi isifikile kubo , bawathatha amadodana enkosi , bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.