Skip to Content

"ekamelweni"

39 occurrences in ZUL

Wakhawuleza uJosefa , ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona , wangena ekamelweni lakhe , wakhala khona.

U-Ehudi wasondela kuye ; wayehlezi ekamelweni eliphezulu elipholileyo ; wayesethi u-Ehudi: Nginodaba oluvela kuNkulunkulu kuwe . Wasukuma esihlalweni sakhe.

U-Ehudi wayesephumela ekamelweni eliphambili, wazivalela iminyango yekamelo eliphezulu, wayihluthulela.

Nxa esephumile yena , kwafika izinceku zakhe ; zabona, bheka, iminyango yekamelo eliphezulu yayihluthulelwe; zathi: Mhlawumbe uyembesa ezinyawo zakhe ekamelweni lakhe elipholileyo.

Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi . Wayesethi kuye : AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni. Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi igqatshulwa , lapho izwa umlilo . Ngalokho amandla akhe awaziwanga.

UDelila wayesethatha amagoda amasha , wambopha ngawo , wathi kuye : AmaFilisti aphezu kwakho , Samsoni. Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.

Amakamelo ezinhlangothi aba banzi ekukhuphukeni njalo nxazonke , ngokuba okuzungeza indlu kwakhuphuka nja lo nxazonke zendlu ; ngalokho indlu yaba banzi ekukhuphukeni njalo; kwakhushukwa ekamelweni eliphansi kwaze kwaba kweliphezulu ngeliphakathi.

Babengenile-ke endlini esalele embhedeni ekamelweni lakhe , bamgwaza, bambulala, bamnquma ikhanda, bathatha ikhanda lakhe, bahamba ngendlela yase-Araba ubusuku bonke.

Wayesethi u -Amnoni kuTamari : Letha ukudla ekamelweni lami ukuba ngidle esandleni sakho. UTamari wawathatha amaqebelengwane awenzileyo, wawangenisa ekamelweni ku-Amnoni umnewabo.

Yayisidabuka kakhulu inkosi , yakhuphukela ekamelweni elingaphezu kwesango, yakhala; isahamba yathi : Hhawu, ndodana yami Abisalomu , ndodana yami, ndodana yami Abisalomu ! Sengathi nga ngifile esikhundleni sakho, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!

UBati Sheb a wayesengena enkosini ekamelweni ; inkosi yayisindala ; u- Abishagi waseShunemi wayikhonza inkosi.

Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJeho va, izigijimi zazithwala , zazibuyisela ekamelweni labalindi. Ukufa kukaRehobowamu

Kepha wathi kuye : Nginike indodana yakho . Wayithatha esifubeni sakhe , wayikhuphulela ekamelweni eliphezulu lapho e hlala khona , wayibeka embhedeni wakhe.

U-Eliya wayesethatha umntwana , wamehlisa ekamelweni eliphezulu , wamngenisa endlini, wamnika unina; wathi u-Eliya: Bheka, indodana yakho isiyaphila.

Kwathi ngelinye ilanga wafika khona , waphambukela ekamelweni, walala khona.

Enye yezinceku zayo yathi : Hhayi, nkosi yami , nkosi, kodwa u -Elisha, umprofethi wakwa -Israyeli, uyayitshela inkosi yakwa -Israyeli amazwi owakhulumayo ekamelweni lakho lokulala.

Ekufikeni kwakho khona, wofuna uJehu indodana kaJehoshafati kaNimishi, ungene, umsukumise phakathi kwabafowabo , umyise ekamelweni elingaphakathi.

Kwathi eseqedile ukunikela ng omnikelo wokushiswa , uJehu wathi kubalindi nasezinduneni : Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu . Bababulala ngosiko lwenkemba . Abalindi nezinduna babantshinga phandle , bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.

Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu , udadewabo ka -Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe , ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa.

Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova , zafika izigijimi zizithwele, zazibuyisela ekamelweni labalindi.

Kodwa uJehoshabeyati, indodakazi yenkosi, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kw amadodana enkosi abulawayo , wambeka nomzanyana wakhe ekamelweni lokulala . UJehoshabeyati, indodakazi yenkosi uJehoramu, umkaJehoyada umpristi -- ngokuba wayengudadewabo ka-Ahaziya -- wamfihla ebusweni buka-Athaliya, ukuze angambulali.

Wayesevuka u -Ezra phambi kwendlu kaNkulunkulu , wangena ekamelweni likaJehohanani indodana ka -Eliyashibi, kepha esefike khona akadlanga sinkwa, kaphuzanga manzi , ngokuba walila ngenxa yesiphambeko sabathunjwa.

Kwaba kubi kakhulu kimi; ngalahla phandle zonke izinto zendlu kaThobiya zikhishwe ekamelweni.

Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso , namakhaza emimoyeni ehlakazayo.

Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe ; lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.

ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.

UBaruki wayesefunda encwadini amazwi kaJeremiya endlini kaJehova ekamelweni l ikaGemariya indodana kaShafani umbhali egcekeni lasenhla ngasesikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova ezindlebeni zabantu bonke.

wehlela endlini yenkosi ekamelweni lombhali ; bheka, kwakuhlezi khona zonke izikhulu , u-Elishama umbhali , noDelaya indodana kaShemaya , no- Elinathani indodana ka-Akibori, noGemariya indodana kaShafani, noSedekiya indodana kaHananiya, zonke izikhulu.

Zase zingena enkosini egcekeni; sezibeke umqulu ekamelweni lika-Elishama umbhali zalanda onke amazwi ezindlebeni zenkosi.

Inkosi yayisimthuma uJehudi ukuba awuland e umqulu ; wawukhipha ekamelweni lika-Elishama umbhali. UJehudi wawufunda ezindlebeni zenkosi nasezindlebeni zazo zonke izikhulu ezazimi ngasenkosini.

Wayesethi kimi : Ndodana yomuntu , uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa -Israyeli ebumnyameni , kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.

Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho , wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,

buthani abantu , ningcwelise ibandla , niqoqe abada la, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe , nomakoti emgonqweni wakhe.

Kepha wena , nxa ukhuleka , ngena ekamelweni lakho , uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni ; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.

Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu , lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka -Alfewu, noSimoni umZelothe , noJuda kaJakobe.

Kwathi ngalezo zinsuku wagula , wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu.

Wayesesuka uPetru , wahamba nabo . Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala , bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo.