"ekamu"
78 occurrences in ZUL
Sase sihamba isipho phambi kwakhe , kepha yena wahlala ekamu lobo busuku. UJakobe ubambana noNkulunkulu
Kwathi esasondela ekamu, wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.
Wayesethi kuwo: Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu, aye emuva , aye phambili , kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo , nalowo umngane wakhe , nalowo umakhelwane wakhe.
UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso , njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe . Wabuyela ekamu , kepha i nceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni. UMose ucela ukubona inkazimulo kaJehova
UMose wayeseyala , kwamenyezelwa ekamu , kwathiwa: Makungabe kusasetshenzwa ngowesilisa nangowesifazane omunye umsebenzi womnikelo wendlu engcwele. Base bevinjelwa abantu ukuletha.
Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe , aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi , ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu , kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.
Ovuma ukuba impongo iye ku -Azazeli uyakuhlanza izingub o zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.
Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa -Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu, noma eyibulala ngaphandle kwekamu,
Indodana yowesifazane wakwa -Israyeli, uyise wayo engowaseGibithe , yaphuma yaya phakathi kwabantwana bakwa -Israyeli; indodana yowesifazane wakwa-Israyeli nomuntu wakwa-Israyeli baxabana ekamu;
Abantwana bakwa-Israyeli bayakumisa amatende abo, kube yilowo nalowo ekamu labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni labo, ngamabandla abo.
Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu bonke abanochoko , nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,
Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa ; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.
Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu , nangesiyalezo sikaJehova bahamba.
Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.
Kodwa kwasala amadoda amabili ekamu , igama lenye lalingu -Elidadi, igama leyesibili linguMedadi; umoya wayehlala phezu kwawo ; ayephakathi kwalawo alotshiweyo, kepha awayanga etendeni; aprofetha ekamu.
Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqo ngweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose awuphumanga ekamu.
Base bekhuphuka ekamu likaKora nelikaDathani nelika Abiramu nxazonke ; oDathani no-Abiramu baphuma, bema ngasemnyango wamatende abo kanye nawomkabo, namadodana abo, nezingane zabo.
Umpristi useyakuhlanza izingubo zakhe , ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu, umpristi abe ngongcolile kuze kuhlwe.
Baletha abathunjwa , nempango, nempahla edliweyo kuMose naku - Eleyazare umpristi , nakuyo inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
Wayesenza ukuba umphongolo kaJehova uzunge ze umuzi , wawuhaqa kanye; base befika ekamu, balala ubusuku ekamu.
Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali , bathi kuye nakumadoda akwa -Israyeli: Sivela ezweni elikude; ngalokho manenze manje isivumelwano nathi.
Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu laseGiligali , athi: Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho ; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama -Amori akhile ezintabeni asihlanganyele.
bonke abantu babuyela ekamu kuJoshuwa eMakheda ngokuthula , akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli.
Ayesehamba amadoda , adabula izwe , aliloba ngemizi , kwaba yizabelo eziyisikhombisa encwadini; afika kuJoshuwa ekamu laseShilo.
Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.
uzakuzwa ukuthi bathini , andukuba kuqiniswe izandla zakho ukuba wehlele ekamu . Khona wehla noPhura udibi lwakhe emaphethelweni abahlomileyo abasekamu.
Lapho efika uGideyoni , bheka, umuntu wayelandisa umngane wakhe iphupho, wathi: Ngaphupha iphupho; bheka, iqebelengwane lesinkwa sebhali lagingqikela ekamu lakwaMidiyani , lafika etendeni , lalishaya laze lawa , laligumbuqela, labhadalala.
Kwathi uGideyoni ekuzwa ukulandwa kwephupho nokuchazwa kwalo , wakhuleka; wabuyela ekamu lakwa-Israyeli, wathi: Vukani, ngokuba uJehova unikele esandleni senu impi yakwaMidiyani.
Wathi kuwo : Ngibukeni, nenze kanjalo ; bhekani, nxa nifika emaphethelweni ekamu, kuyakuthi njengalokho kwenza mina, nenze nani.
UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi , besand ukubeka abalindi ; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.
Bathi: Yisiphi kuzo izizwe zakwa -Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na? Bheka, akufikanga muntu ekamu ovela eJabesh i Gileyadi ukuya ebandleni.
Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo ; baziyisa ekamu eShilo elisezweni laseKhanani.
Kwathi abantu bengena ekamu , amalunga akwa -Israyeli athi : UJehova usibulaleleni phambi kwamaFilisti na ? Masithathe umphongolo wesivumelwano sikaJehova eShilo , siwulethe kithi , ufike phakathi kwethu , usisindise esandleni sezitha zethu.
Kwathi umphongolo wesivumelwano sikaJeh ova ufika ekamu , wonke u - Israyeli wakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, kwaze kwaduma umhlaba.
AmaFilisti esezwa umsindo wokukhamuluka athi: Uthini umsindo walokhu kukhamuluka okukhulu ekamu lamaHeberu na ? Aqonda ukuthi umphongolo kaJehova ufikile ekamu.
AmaFilisti esaba, ngokuba athi: UNkulunkulu ufikile ekamu . Athi-ke: Maye kithina! Ngokuba akuzange kube khona okunje ngaphambili.
Abaphangi baphuma ekamu lamaFilisti ngezigaba ezintathu ; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali;
Kwaba khona ukuthuthumel a ekamu , nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo , nomhlaba wazamazama , kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.
AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu nxazonke , aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani.
Kwaphuma iqhawe elikh ulu ekamu lamaFilisti , igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla.
UJese wathi kuDavide indodana yakhe : Ake uthathele abafowenu i -efa lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu labafowenu,
UDavide wayesethatha washo ku -Ahimeleki umHeti naku -Abishayi indodana kaSeruya , umfowabo kaJowabe , ethi: Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu na? U-Abishayi wathi: Ngiyakwehla nawe.
kwathi-ke ngosuku lwesithathu , bheka, kwaphuma umuntu ekamu likaSawule, izingubo zakhe ziklebhukil e, enomhlabathi ekhanda , wawa phansi ekufikeni kwakhe kuDavide, wakhuleka.
Abantu ababemisile bezwa kuthiwa : UZimri wenzile ugobe , ubulele nenkosi; ngalokho wonke u -Israyeli wambeka u -Omri induna yempi abe yinkosi phezu kuka-Israyeli ngalolo suku ekamu.
Ekushoneni kwelanga kwadlula ekamu lonke isimemo sokuthi : Yilowo nalowo makaye emzini wakubo, yilowo nalowo ezweni lakubo.
Sebefike ekamu lika -Israyeli, abakwa-Israyeli basuka bashaya abakwaMowabi, baze babaleka ebusweni babo ; bangena ezweni labo bechitha abakwaMowabi.
Basuka kuh welela, baya ekamu lama -Aramu; sebefike emaphethelweni ekamu lama-Aramu, bheka, kwakungekho muntu lapho.
Labo abanochoko sebefike emaphethe lweni ekamu , bangena kwelinye itende, badla, baphuza, basusa khona isiliva , negolide, nezingubo, baya bakuthukusa; babuya, bangena kwelinye itende , basusa nakhona , baya bakuthukusa.
Base behamba, babiza abalindisango bomuzi, babatshela ukuthi: Sike safika ekamu lama -Aramu; bheka, kwakungekho muntu lapho , nazwi lomuntu, kuphela ngamahhashi aboshiweyo , nezimbongolo eziboshiweyo, namatende enjengalokhu enjalo.
Inkosi yavuka phakathi kobusuku , yathi ezincekwini zayo : Ake nginitshele lokhu ama-Aramu asenzela khona . Ayazi ukuthi silambile ; ngalokho aphumile ekamu ukuba acashe, ethi: Lapho bephuma emzini, siyakubabamba besezwa, singene emzini.
Kwathi ngalobo busuku kw aphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.
Abakhileyo eJerusalema babeka u -Ahaziya indodana yakhe encane inkosi esikhundleni sakhe , ngokuba iviyo lababefike ekamu nabase -Arabiya lalibulele bonke abokuqala. Wayesebusa-ke u-Ahaziya indodana kaJehoramu inkosi yakwaJuda.
UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,
UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla , nabaholi, nezinduna ekamu lenkosi yase -Asiriya. Yayisibuyela ez weni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo , ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.
Kwaphuma ingelosi kaJehova , yabulala ekamu labase -Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
Kepha abanye esixukwini bam emeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.
Esezakungeniswa ekamu uPawulu wathi enduneni yenkulungwane : Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na? Yona yathi: Uyasazi isiGreki na?
induna yenkulungwane yayala ukuba angeniswe ekamu , yathi akahlolwe ngenduku, ukuze iqonde ukuthi kungasiphi isici bememeza kanje ngaye.
Kwathi sekuvele isiyaluyalu esikhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuba uPawulu angadwengulwa yibo, yayala impi ukuba yehle imhlwithe phakathi kwabo, imyise ekamu.