"ekuphumeni"
36 occurrences in ZUL
Uzakutshela indodana yakho ngalolo suku, uthi: Kungenxa yalokho uJehova angenzela khona ekuphumeni kwami eGibithe.
Kepha insimu ekuphumeni kwayo ngejubili iyakuba ngcwele kuJehova njengensimu eyahlukaniswayo; iyakuba yifa lompristi.
yibo ubufakazi , nezimiso, nezahlulelo uMose akukhulumayo kubantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe,
ngaphesheya kweJordani esigodini malungana neBeti Peyori ezweni likaSihoni inkosi yama -Amori, owahlala eHeshiboni, owanqotshwa nguMose nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe , nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.
Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama -Amori ayengaphesheya kweJordani , oSihoni no -Ogi, enawaqothulayo.
Ngokuba bonke abantu abaphuma babesokiwe , kepha bonke abant u abazalwa ehlane ngasendleleni ekuphumeni kwabo eGibithe babengabasokanga.
Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo ; njengamandla am i ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni , ekuphumeni nasekungeneni.
Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.
UDavide wamphendula umpristi , wathi: Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku ; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami ; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.
unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.
Kwakungekho lutho emphongolweni , kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Niyakuyizungeza inkosi nxazonke , yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe ; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani n enkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.
Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe , lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.
Bheka, manje abantwana bakwa -Amoni nabakwaMowabi nabasentabeni yaseSeyiri, ongavumelanga u -Israyeli ukubangenela ekuphumeni kwakhe ezweni laseGibithe, kepha wabachezukela, akabachithanga,
Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema , wathi: Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema ! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu , niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.
UNkulunkulu uMninimandla onke , uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlab a kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.
Ngokuba izinkanyezi zezulu nawondwenjana baz o akuyikukhanya; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo , nenyanga ayisayikukhipa ukukhanya kwayo.
Amakherubi aphakamisa amaphiko awo , enyuka emhlabathini phambi kwamehlo ami ekuphumeni kwawo , amasondo eseceleni kwawo ; ema ngasesivalweni sesango lasempumalanga lendlu kaJehova ; inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayiphezu kwawo.
Ekuphumeni kwempahla yakho elwandl e wasuthisa abantu abaning i; ngobuningi bengcebo yakho nempahla yakho wacebisa amakhosi omhlaba.
Ngalokho yazi, uqonde ukuthi, kusukela ekuphumeni kwezwi lokubuyisa nokwakha iJerusalema kuze kufike ogcotshiweyo , umbusi, kuyakuba ngamasonto ayisikhombisa , lihlale lakhiwe , izitaladi zalo nogange lwalo , amasonto angamashumi ayisithupha nambili nasesikhathini sokuhlupheka.
Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.
Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe ; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo , ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe, usho uJehova Sebawoti.