Skip to Content

"ekuqaleni"

70 occurrences in ZUL

Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

izwe elinakekelwa nguJehova uNkulunkulu wakho ; amehlo kaJehova uNkulunkulu wakho akulo njalo , kusukela ekuqaleni komnyaka kuze kube sekupheleni komnyaka.

Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMo wabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.

Ngalolo suku ngiyakumehlisela u -Eli konke engikukhulumile ngendlu yakhe, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka -Israyeli; wabusa iminyaka emibili . Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.

UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.

Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo ; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje , okuzwayo athi : Abantu abalandela u -Abisalomu banqotshiwe;

URispa indodakazi ka -Aya wathatha indwangu yamasaka , wazendlalela yona edwaleni , kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku.

URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda . URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe ; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

UJehoshafati wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema. Igama likanina lalingu-Azuba indodakazi kaShilehi.

Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.

UJehu wathumela ku -Israyeli wonke ; zonke izinceku zikaBali zafika , akwaze kwasala muntu ongafikanga ; zangena endlini kaBali , indlu kaBali yagcwala yathi swi, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni.

UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.

Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema.

Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.

Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki.

U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova, uNkulunkulu wakhe, njengoDavide uyise.

Kwathi ekuqaleni kokuhlala kwabo khona abamesabanga uJehova ; ngalokho uJehova wathuma izingonyama pha kathi kwabo, zabulala abanye kubo.

Wayeneminyaka e ngamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalingu-Abi indodakazi kaZakariya.

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusale ma; igama likanina lalinguHefisiba.

Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala , waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni , ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.

U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema ; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba.

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka en gamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati.

UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabi li nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema ; igama likan ina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.

UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyak a eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma.

UJehoyakini wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema ; igama likanina lalinguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina.

Inkosi uRehobowamu yayisiziqinisa -ke eJerusalema yabusa , ngokuba uRehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema , umuzi uJehova awukhethileyo ezizweni zonke zakwa -Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama umAmonikazi.

UJehoshafati wabusa -ke phezu kukaJuda ; wayeneminyaka engamashumi amathathu nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka engamashumi amabili nanhlanu eJerusalema ; igama likanina lalingu -Azuba indodakazi kaShilehi.

UJehoramu wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisishiyagalombili eJerusalema.

Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema , wamuka engakhalelwanga muntu ; bammbela emzini kaDavide , kepha kungesemathuneni amakhosi.

U-Ahaziya wayeneminyaka engamashumi amane nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa umnyaka eJerusalema ; igama likanina lalingu -Athaliya indodakazi ka-Omri.

UJowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa ; wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema ; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba.

U-Amasiya wayeneminyaka engama shumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadani waseJerusalema.

U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.

UJothamu wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha indodakazi kaSadoki.

Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema.

U-Ahazi wayeneminyaka engamashumi amabili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema ; akenzanga okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise,

U-Azariya umpristi omkhulu wendlu kaSadoki wathi : Kusukela ekuqaleni kokulethwa kweminikelo endlini kaJehova sidlile sasutha , sashiya okuningi, ngokuba uJehova ubusisile abantu bakhe; okuseleyo yile ngcebo.

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema.

U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema.

UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwak he ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema.

UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema.

UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabi li nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe.

UJehoyakini wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu nezinsuku eziyishumi eJerusalema ; wenza okubi emehlweni kaJehova.

Ekuqaleni komnyaka inkosi uNebukadinesari yathumela yamletha eB abele kanye nezitsha ezinxanelekayo zendlu kaJehova , yabeka uSedekiya , umfowabo, inkosi kwaJuda naseJerusalema.

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.

Ekubuseni kuka -Ahashiveroshi, ekuqaleni kokubusa kwakhe , baloba bamangalela abakhileyo kwaJuda naseJerusalema.

oyale ngayo ngezandla zezinceku zakho abaprofethi ngokuthi : Izwe eniya kulo ukulidla liyizwe elingcolileyo ngenxa yokungcola kwabantu bezizwe ngezinengiso zabo eziligcwalisile ngokonakalisa kwabo , kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni.

Sase senza nathi umsebenzi wethu , inxenye iphethe imikhonto , kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi.

Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni , kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.

Ekuqaleni kokubusa kukaJehoyakimi indodana kaJosiya , inkosi yakwaJuda, kwafika leli zwi livela kuJehova, lathi:

Ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda , kwafika leli zwi kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

Kwathi ngawona lowo mnyaka ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda ngomnyaka wesine , ngenyanga yesihlanu , uHananiya indodana ka-Azuri, umprofethi waseGibeyoni , wakhuluma kimi endlini kaJehova phambi kwabapristi nabantu bonke, wathi:

Izwi elafika kuJeremiya umprofethi nge -Elamu ekuqaleni kokubusa kukaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngokuthi:

USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema ; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.

Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo , uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.

Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga , ngomnyaka weshumi nane , emva kokunqotshwa komuzi , ngalona lolo suku , isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.

Ekuqaleni kokunxusa kwakho izwi lavela; sengifikile ukukutshela, ngokuba uthandekile; ngalokho qonda leli zwi, uqonde nombono.

INkosi uJehova yangibonisa kanje : bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva ; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi.

Waphendula, wathi kubo : Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane,

Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu waben za owesilisa nowesifazane.

kwasengathi kuhle nakimina, lokhu ngizihlolisisile zonke izinto , kusukela ekuqaleni, ngikulobele ngokulandelana, Theyofilu odumileyo,

Ekuqaleni wayekhona uLizwi , uLizwi wayekuNkulunkulu , uLizwi wayenguNkulunkulu.

Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

Lokho abafundi bakhe abakuqondanga ekuqaleni; kodwa esekhazimulisiwe uJesu, base bekhumbula ukuthi kulotshiwe lokho ngaye nokuthi babekwenzile lokho kuye.

Ngathi ngisaqala ukukhuluma , uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo njengakithi ekuqaleni.

USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.

Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa,

nokuthi: Wena Nkosi , ekuqaleni wabeka isisekelo somhlaba ; amazulu angumsebenzi wezandla zakho.