Skip to Content

"ekusukeni"

6 occurrences in ZUL

Kwathi ekusukeni kwabo empumalanga bafumana ithafa ez weni laseShineyari; bakha khona.

Kepha mina ekusukeni kwami ePhadani Aramu ngafelwa nguRaheli endleleni ezweni laseKhanani, kuse yibangana ukuya e-Efrati; ngammbela khona endleleni eya e-Efrati (eliyiBetlehema).

Ekusukeni kwetabernakele amaLevi ayakulisusa , ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Nanxa nihlaba umkhosi ngokwesibili , amakamu asohlangothini lwaseningizimu ayakusuka; bayakuhlaba umkhosi ekusukeni kwabo.

Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi : Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.

Jehova, ekuphumeni kwakho eSeyiri , ekusukeni kwakho ezweni lakwa- Edomi umhlaba wazamazama, namazulu aconsa, yebo, amafu aconsa amanzi.