Skip to Content

"ekuthunjweni"

29 occurrences in ZUL

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiw e bayiswa eBabele nguNebukadinesari , inkosi yaseBabele , babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endli ni kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele , indodana kaSheyalitiyeli , noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi , namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.

Abantwana ba kwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni , nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla;

Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka -Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u - Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha , namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhomb isa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.

kwafika uHanani omunye wabafowethu , yena nabantu bakwaJuda ; ngababuza ngabaJuda ababesele besindile ekuthunjweni nangeJerusalema.

Bathi kimi : Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni ; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe , namasango alo ashisiwe ngomlilo.

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kubo ababethunjwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele , babuyela eJerusalema nakwaJuda , kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,

Ibandla lonke lababuyileyo ekuthunjweni lenza amadokod o, lahlala emadokodweni, ngokuba kusukela ezinsukwini zikaJeshuwa , indodana kaNuni, kuze kube yilolo suku abantwana bakwa -Israyeli babengenzanga kanjalo. Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kakhulu.

Wanikela amandla akhe ekuthunjweni, nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.

Jehova, wabusisa izwe lakho, wambuyisa uJakobe ekuthunjweni.

Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye , azinakuwukhulula umthwalo ; nabo uqobo baya ekuthunjweni.

Kuyakuthi lapho bethi k uwe: Siyakuphuma siyephi na ? usho kubo ukuthi : Usho kanje uJehova , uthi: Abokufa, mabaye ekufeni , nabenkemba, enkembeni, nabendlala, endlaleni, nabokuthunjwa, ekuthunjweni.

Ngokuba usho kanje uJehova ngenkosi ehlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide nangabo bonke abantu abahlala kulo muzi , abafowenu abangayanga nani ekuthunjweni,

Ngokuba ngenxa yokwethemb a kwakho imisebenzi yakh o nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni , abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe , uphumulile enhleseni yakhe , kathululwanga ezitsheni ngezitsha, akayanga ekuthunjweni ; ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye, nephunga lakhe aliguquki.

Maye kuwena Mowabi ! Abantu bakaKemoshi baphelile , ngokuba amadodana akho athunjiwe, namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.

Hhewula, Heshiboni, ngokuba i -Ayi lichithekile , nikhale, madodakazi aseRaba, nibhince izindwangu zamasaka , nilile, nigijime phakathi kwezintango, ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni , abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

Abamelene nalo sebe yinhloko , izitha zalo zinokuthula , ngokuba uJehova ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo ; izingane zalo ziye ekuthunjweni ebusweni bezitha.

UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengok uphuma ukuya ekuthunjweni.

Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.

uthi kubantwana bakwa -Amoni: Zwanini izwi leNkosi uJehova ; isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba wathi ashila ngendlu yami engcwele lapho yangcoliswa, nangezwe lapho lachithwa , nangendlu yakwaJuda lapho beya ekuthunjweni,

Izinsizwa zase -Aveni nasePhi Beseti ziyakuwa ngenkemba , imizi iye ekuthunjweni.

EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama , lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo ; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

Inkosi yabo iyakuya ekuthunjweni , yona nezikhulu zayo kanyekanye , usho uJehova.

Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo , ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona , ibabulale, ngibeke amehlo ami kub o kube kubi , kungabi kuhle.

Nalo lamukiswa , laya ekuthunjweni , nezingane zalo zachotshozwa ezingosini zazo zonke izitaladi ; benza inkatho ngezikhulu zalo , nabo bonke abakhulu balo baboshwa ngamaketanga.

Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nal o; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe , kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni , kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.

Uma ekhona oyisa ekuthunjweni , uya naye ekuthunjweni ; uma ekhona obulala ngenkemba , umelwe naye ukubulawa ngenkemba . Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.