Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova , uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu , siyalidla elabo.
Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo ; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.