Uyakukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na ? Bese wukhuluma kuye ngokuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNa boti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.
Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi : M fowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho, wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso , na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukw elakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.
Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na ? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.