Alenziwanga iphasika elinjengalelo kwa -Israyeli kusukela emihleni kaSamuweli umprofethi , nawo onke amakhosi akwa -Israyeli awenzanga iphasika elinjengalelo elenziwa nguJosiya, nabapristi, namaLevi, naye wonke uJuda no-Israyeli owayekhona, kanye nabakhileyo eJerusalema.
Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini , athathe eziningi , kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.