Yisho kubantwana bakwa -Israyeli, uthi ku bo: Nxa umuntu wakini eletha umnikelo kuJehova , anonikela ngomnikelo wenu wezinkomo zemihlambi nowezimvu.
Uma eletha iwundlu libe ngumnikelo wakhe wesono , woletha insikazi engenasici.
Bheka, umuntu wabantwana bakwa -Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa -Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.