"eleyazare"
71 occurrences in ZUL
U-Aroni wazithathela u -Elisheba indodakazi ka -Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
U-Eleyazare indodana ka -Aroni wazithathela enye yamadodakazi kaPhuthiyeli, ibe ngumkakhe; yamzalela uFinehasi. Yilezi izinhloko zawoyise bamaLevi ngemindeni yawo.
Sondeza kuwe u -Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o- Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.
UMose wayesethi ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe : Ningathukululi izinwele zamakhanda enu , ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi , ingathukuthelelwa yonke inhlangano , kepha abafowenu , yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.
UMose wakhuluma ku -Aroni naku -Eleyazare naku -Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe -altare, ngokuba ungcwelengcwele,
UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono ; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o -Eleyazare no -Itamari amadodana ka -Aroni aseleyo , wathi:
ONadabi no-Abihu bafa phambi kukaJehova , benikela ngomlilo ongafanele ebusweni bukaJehova ehlane laseSinayi; babengenabantwana. Kwase kukhonza o -Eleyazare no -Itamari esikhundleni sobupristi ebusweni buka - Aroni uyise.
U-Eleyazare indodana ka -Aroni umpristi uyakuba yisikhulu sezikhulu zamaLevi, abonise abagcina inkonzo yendlu engcwele.
Imfanelo ka -Eleyazare indodana ka -Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba ; imfanelo yakhe iyitabernakele lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.
Yisho ku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ukuba akhiphe imicengezi yomlilo ekusheni, wena uwuhlakaze umlilo laphaya, ngokuba ingcwele,
U-Eleyazare umpristi wayithatha imicengezi yethusi abanikele ngayo abashileyo; babakhanda baba yisimbozo se-altare,
u-Eleyazare umpristi uyakuthabatha igazi laso ngomunwe wakhe , afafaze kasikhombisa ngaphambi kwetende lokuhlangana ngegazi laso,
umkhumule u -Aroni izambatho zakhe , uzifake ku -Eleyazare indodana yakhe; u-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, afele khona.
UMose wamkhumula u -Aroni izambatho zakhe , wazifaka ku -Eleyazare indodana yakhe ; u-Aroni wafela khona esiqongweni sentaba ; oMose no - Eleyazare behla entabeni.
Esekubona uFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe,
UFinehasi ka -Eleyazare ka -Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa -Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa -Israyeli ngomhawu wami.
Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma k uMose naku -Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi:
Yilabo ababalwa nguMose nangu -Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko.
Ema phambi kuk aMose naphambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi:
ummise ngaphambi kuka -Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.
Uyakuma p hambi kuka -Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.
UMose wenza -ke njengalokho uJehova emyali le; wamthatha uJoshuwa , wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke,
UMose wabathuma empini , kwaba yinkulung wane kuleso naleso sizwe , bona noFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.
Baletha abathunjwa , nempango, nempahla edliweyo kuMose naku - Eleyazare umpristi , nakuyo inhlangano yabantwana bakwa -Israyeli ekamu emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.
OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.
Umpristi u -Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni : Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose:
Balani impango yonke ethathiweyo , abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano,
nikuthathe enxenyeni yabo , nikunike u -Eleyazare umpristi , kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova.
UMose wamnika u -Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.
OMose no -Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu , baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.
abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose , naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi:
UMose wayeseyala u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo.
Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe yifa lenu : u- Eleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona , wembelwa khona ; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.
Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa -Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.
Lawo angamafa abawabela ngenkatho u -Eleyazare umpristi , noJoshuwa indodana kaNuni , nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa -Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.
Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku -Eleyazare umpristi , nakuJoshuwa indodana kaNuni , nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli,
Abantwana bakwa -Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakw aManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi,
UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase : Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu , ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa -Israyeli esandleni sikaJehova.
UFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi nezikhulu babuya kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi e zweni lakwaGileyadi , bebuyela ezweni laseKhanani kubantwana bakwa-Israyeli, bababuyisela izwi.
U-Eleyazare indodana ka -Aroni wafa ; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.
uFinehasi indodana ka -Eleyazare ka -Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na? UJehova wathi: Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.
Abantu baseKiriyati Jeharimi bafika , bakhuphula umphongolo kaJehova , bawungenisa endlini ka -Abinadaba entabeni , bamngcwelisa u -Eleyazare indodana yakhe ukuba agcine umphongolo kaJehova.
Emva kwakhe kwakungu -Eleyazare in dodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;
Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Nanka amadodana ka -Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe , noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
UFinehasi indodana ka -Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.
Nazi izigaba zamadodan a ka -Aroni: amadodana ka -Aroni: ngoNadabi, no- Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
Kepha oNadabi no -Abihu bandulela uyise ukufa , bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi.
ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo.
Kwafunyaniswa emadodaneni ka -Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka -Itamari; bahlukaniswa kanje : emadodaneni ka - Eleyazare kwaku khona abayishumi nesithupha abayiz inhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka -Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise.
Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka -Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.
UShemaya, indodana kaNethaneli , umbhali ongowamaLevi , wabaloba phambi kwenkosi , nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi , no- Ahimeleki indodana ka -Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u -Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.
Ngosuku lwesine kwalinganiswa isiliva negolide nezitsha endlini kaNkulunkulu wethu , kwanikezwa esandleni sikaMeremoti , indodana ka - Uriya, umpristi; u-Eleyazare indodana kaFinehasi wayenaye ; uJozabadi indodana kaJeshuwa noNohadiya, indodana kaBinuwi, amaLevi, babe nabo,
Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi : ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya.